I-Mi Casa kowokugcotshwa kuka-Obama

2012-12-20 10:27

Johannesburg - La baculi beculo elashisa izikhotha iThese Streets, iMi Casa, bazojoyina umzwilili wakuleli uLira ekunandiseni emcimbini wokugcotshwa kukaMengameli waseMelika uBarack Obama, kubika iSowetan.

Lowo ocula phambili uJSomething, nogama lakhe langempela kunguJoao Fonseca, ukuqinisekisile ukuthi bazoba yingxenye yalo mcimbi ozoba ngoJanuwari 21 eMead Centre for American Theatre, eWashington.

"Sibusiseke kakhulu. Sizizwa sihlonipheke kakhulu," esho.

Uthe ukuqokwa kwabo kulale kakhulu ekwesekweni kwabo yinxusa laseBotswana, neliwuthanda ngendlela emangalisayo umculo wabo.

UFonseca uthe babengayilindele impumelelo engaka ngesikhathi beqala kule ndima yomculo, njengoba ethi izinto zivele zenzeka ngokushesha.

"Bekuyiphupho ebesinalo nje, kulo nyaka uwodwa sibe namakhonsathi abalelwa ku-300," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...