Halala Thina Zungu!

2012-11-20 12:06

Durban - Umafikizolo emculweni wezokholo uThina Zungu, waseNanda, ungene kwazwakala emculweni njengoba ekwaze ukubuya nezindondo ezimbili kumaSABC Crown Gospel Awards, abanjelwe eThekwini ngeSonto.

UThina usakhiphe kuphela ama-albhamu amabili, uzuze indondo yombhali ovelele nenye yeculo eliphume phambili, iKwanqab' umusa.

Ekunqobeni kwakhe, uthobise osaziwayo abafana noNtokozo Mbambo, Israel Mosehla noKgotso Makgalema.

"Ngemuva kokuvotelwa kangaka ngabalandeli bami, ngiyathembisa angeke neze ngobaphoxe nangonyaka ozayo. Ngijabule kakhulu, bengiqokwe ezinhlakeni ezintathu, bengilindle ukubuya nendondo eyodwa kodwa ngabuya nezimbili. Bengifakwe nezingwazi ezaziwayo, abantu engibahloniphayo nengikhule ngibalalela,” esho.

UNtokozo Mbambo othandwa ngabaningi, naye uthole izindondo ezimbili, okuyindondo yokuba ngowesifazane ovelele nomculi wokholo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 16-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...