Bazosakaza isikhangisi seNando's

2012-06-21 12:00

Johannesburg - Isiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo iTopTV ithi yona izosisakaza isikhangisi sakwaNando’s esithole ukugxekwa sadutshwa nangeminye imithombo yezokusakaza.

Umkhulumeli weTopTV uJean Meyer uthe kunomqondo omuhle oqukethwe yisikhangisi, uthi babashayela ihlombe abakwaNando’s ngokukwazi ukukhuluma ngezinto abaningi abasabayo ukukhuluma ngazo, kubika iSowetan.

Isikhangisi ekuthiwa sicwasa ngokwamazwe, siqala ngokuveza abantu abaningi beqa uthango benganela kuleli laseNingizimu Afrika.

Kube sekuzwakala izwi lithi: “Uyazi yini engalungile ngeNingizmu Afrika? Yinina bantu bokufika.”

Bonke abantu babe sebenyamalala emoyeni kusale kuphela uhlanga lwamaKhoisan, umlisa osalayo ube esephawula athi: "Angiyi ndawo nasifica sivele sikhona.”

Imithombo iSABC, M-Net, DStv ne-e-tv yanqaba ukudlala lesi sikhangisi.

Umkhulumeli weSABC uKaizer Kganyago, utshele iphephandaba iCape Times wathi isikhangisi sigqugquzela ukuhlaselwa kwabokufika.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...