Bazongena bajule emaphaketheni abathanda uChris Brown

2014-12-11 12:42

Johannesburg - Abathandi bomculo kaChris Brown kumele balindele ukukhipha imali elinganiselwa ku-R1 166 ngethikithi ngalinye ukuze bambone enandiza bukhoma eNingizimu Afrika ngonyaka ozayo.

Abantu bakhala ngokuthi amba eqolo amathikithi okuyobukela lo mculi owake wahlabana nendondo yeGrammy uma kuqhathaniswa nangesikhathi ekuleli ngo-2012, kubika iTimeslive.

UBrown wahlanyisa abalandeli bakhe eGoli naseKapa ngamathikithi ayephakathi kuka-R490 kuya ku-R890, okuyisilinganiso sika-R690 ngalowo nyaka.

OLUNYE UDABA: Usephinde wahlukana nabethandana naye uChris Brown

Lokhu kusho ukuthi amathikithi amasha anyuke ngemali elinganiselwa ku-R476.

Abalandeli abafuna ukubukela lo mculi eduze bangalindela ukukhokha phakathi kuka-R750 no-R1 500.

UBrown uzonandisa eCoca Cola Dome ngomhlaka-2 Ephreli bese edlulela eMoses Mabhida Stadium ngomhlaka-4 Ephreli.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...