Bathi uyashada u-Euphonik kaBonang
2012-12-05 12:02
Johannesburg - Sengathi kusekude ukuphela kokukhuluma nezimpi ezingapheli phakathi kosaziwayo abathandanayo uBonang Matheba nomsakazi we-5fm uDJ Euphonik, njengoba sekuvele ukuthi u-Euphonik uselobole enye intokazi.
Iphephabhuku iDrum libike lathi lizwe ngemithombo yalo ukuthi u-Euphonik ulobole intokazi ekuthiwa nguSwazi Tshabalala.
Kuthiwa laba bobabili baqala ukuthandana ngo-2006, imithombo ithi bazobopha elikasofasilahlane ngoMashi ngonyaka ozayo.
Akwazeki kahle ukuthi kuqhubekani ngobudlelwano buka-Euphonik noBonang, athandane naye cishe iminyaka emithathu, kusho umthombo utshela iphephabhuku.
"Kuqediwe ngezindaba zamalobolo. U-Euphonik wathandana kuqala noSwazi, engakathandani noBonang. Umuntu wakhe wakudala," kuqhuba umthombo.
Omunye umthombo uthi uBonang noSwazi babengabangani, bejwayele ukuchitha isikhathi ndawonye ngesikhathi befunda e-University of Johannesburg.
UBonang kuthiwa wasondelana kakhulu no-Euphonik ngesikhathi esejoyine uSABC1.
U-Euphonik akaphumelanga obala ngalezi zindaba.
- Thola lolu daba luphelele kuDrum
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Drum