Bathi useyahlupheka uMandoza
2012-11-29 16:36
Johannesburg - Uma ubucabanga ukuthi uxakeke wedwa, cha akunjalo, imithombo yabezindaba ithi ukuxakeka kumi ngenhla kumculi oyisihosha uMduduzi Thabalala, owaziwa ngelikaMandoza.
Kuthiwa uMandoza, umkakhe kanye nabantwaba babo abathathu sebebuyele kubo kaMandoza ePimville, eSoweto.
Imithombo emibili itshele uDrum ukuthi lona useyahluleka ukukhokhela umuzi wabo osendaweni yabadla izambane likapondo eRoodepoort.
Akugcini lapho, kodwa useze wadayisa izinoto zakhe ezimbii eziwubutsetse iChrysler ne BMW320i.
Abazinquma amakhanda bazishiye bathi uMandoza usehamba ngemoto eyiVW Polo.
“Uwile bandla uMandoza kodwa uzovuka. Usezidayisile nezimoto zakhe ezibizayo,” kusho umthombo.
Efonelwa uMandoza, ucingo luphendulwe ngunkosikazi wakhe uMpho othe akukhulunywe nemenenja kaMandoza uCurwyn Eaton.
Ebuzwa u-Eaton uthe: “Abantu abahlukane phansi noMandoza bamyeke aziphlele impilo yakhe ngokuthula.”
- Thola lolu daba luphelele kuDrum
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Drum