Bathi kuyasolisa ukwenza kukaPearl

2012-07-20 12:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kuthiwa sekuqala ukusolisa ukwenza kukaPearl Thusi ongumdlali kamabomakude oseke wathathwa ngamaphoyisa empheka ngemibuzo kulandela ukuthi inkunzi yomdlwenguli ithe lo mlingisi angasiza ngophenyo.

IDrum ibike ukuthi uThusi wathembisa amaphoyisa ukuthi uzowayisa endlini ayiswa kuyo ngumdlwenguli owaziwa ngeleFacebook Rapist, uThabo Bester.

Nokho uPearl wafika esehamba nommeli wakhe.

"Ukwenza kwakhe kuyasolisa, ulokhu edida amaphoyisa ingqondo," kusho umthombo.

Kuthiwa amaphoyisa afuna isikhali esabe sisetshenizsa nguBester ekuthiwa sigcinwe nguye uPearl.

"Kusolisa kakhulu ukwenza kwakhe, ufihleni?" kuqhuba wona umthombo.

Imizamo yokuthola uPearl kuze ezoziphendulela, igcine ingaphumelelanga.



 - Lolu daba ungaluthola luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Drum

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-27°C Sunny. Warm. PE: 13-23°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...