Bathe abamudle bamfele uJack Parow

2012-05-02 10:03

Cape Town - Usaziwayo ocula ngesiBhunu uJack Parow kudingeke ukuthi akhishwe esiteji ekade ecula kuso endaweni yaseNewcastle, KwaZulu-Natal ngesikhathi abantu ekade behambele ikhonsathi bethi abamudle bamfele ngenxa yokunengwa yizinhlamvu zomculo wakhe, kubika iphephandaba iCape Times.

Iqeqebana lisabise uParow, ogama lakhe langempela nguZander Tyler, ngoLwesihlanu ebusuku.

Iqeqebana leli lithe licasulwa inhlamba ayicula udede.

Indoda ethize izame ukugibela esiteji isho ukumgxavuna kwasiza amaphoyisa.

Abanye ekade bekhona babhale kuFacebook bathi uParow uyisikhonzi sikaSathane futhi uyihlazo elilulaza ulwimi lwesiBhunu.

Umculi utshele iphephandaba le ndawo wathi akumkhathazi ukugxekwa kwakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C Haze. Warm. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...