Bathathane ku-Twitter uNonhle noCndo
2012-12-06 12:02
Kgomotso Moganedi, Daily Sun
Johanesburg - Unontandakubukwa uNonhle Thema uthathane noDJ Cndo, kwaba ncane indawo, emthombeni wezokuxhumana iTwitter, kubika iDaily Sun.
Uchuku kuthiwa luqalwe nguNonhle obhale wathi: “UDJ Cndo uthandana noMsawawa. Awu bantu! Mdala kakhulu, angamzala nokumzala.”
UDJ Cndo, ogama lakhe langempela nguSindisiwe Zungu, kumthukuthelisile lokho naye waphendula.
“Nonhle, kumele lokho ungitshele ngqo emehlweni! Ungang’jwayeli kabi. Ngizok’shaya ubuyele ekubeni ngusaziwayo mina. Uzama udumo ngami,” kuphendula uDJ Cndo.
Iphephandaba likhulume noDJ Cndo, obesanda kubuya ohambweni lwakhe lwase-Europe, wathi uphoxekile ngokuziphatha kukaNonhle.
“Angazi noma lokhu akwenzayo umkhanaso wakwaNandos yini, wokwenza abantu bayinake bese bethenga inkukhu yabo. Nokho-ke angithandani noMsawawa,’’ kusaqhubeka uDJ Cndo.
UDJ Cndo uthe ubemthukuthelele uNonhle kodwa manje usekudlulisile lokho, uphinde waxolisa nangokumthuka.
UNonhle ukuphikile ukuxabana kwakhe noDJCndo wathi: “Abantu bahlale benesizungu, angazi bangifunani.”
- Thola ezinye izindaba
zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun