Bashawe nge'current' oSomizi noGugu kowamaMAMA

2015-07-12 12:29

Johannesburg -  Ijaji lesine lama-South African Idols, uSomizi 'Somgaga' Mhlongo noGugu Mbhatha abanekhono lokudansa basalele ngaphandle kumaMusic Awards ezwekazi iMTV Africa Music Awards (MAMAs).

Abahleli balomcimbi ozobe useThekwini ngoMgqibelo mhlaka-18 Julayi baqoke ukuthi bangabasebenzisi laba dansi basebenzise ubuso obusha.

AbeSunday Sun bona badalule ukuthi kukhethwe abadansi ababili uPaul Modjadji owaziwa emhlabeni wonke jikelele ngekhono lakhe lokudanso noJay Kayembe weMasters of Rhythm

OLUNYE UDABA:USomizi usivulele isifuba ngempilo yesitabane

Kuphinde kwezwakala nokuthi abahleli abazange baze bachazeke ngomsebenzi owenziwa nguSomgaga noGugu ngonyaka ophelile okwenze ukuba babakhulule kulo nyaka.

Ngokusho komthombo osondelene noSomizi noGugu, badinwe bagane unwabu ngokungakhethwa.

"Lezi zindaba zibashaqisile oSomizi benoGugu njengoba bebezitshela ukuthi yibo abazophinde badanse nakulo nyaka."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...