Basale bedangele abalandeli engaqhamuki uNaak Musiq

2015-04-29 09:33

Johannesburg - Basala bedangele abalandeli ababelindele umculi ophinde alingise kumabonakude engalubhadi emcimbini emithathu, ePort Elizabeth, ngempelasonto.

U-Anga "Naak Musiq" Makubalo, owayedlala indawo kaMJ kwiGenerations ucasule abalandeli bakhe basePort Elizabeth ngempelasonto.

UMninawa Mbombo, umnikazi wePlatinum Lounge eZwide uthe indawo yakhe yacishe yonakala abalandeli bedinwe begane unwabu, befuna nemali yabo abayikhokhela ukubona uNaak Musiq.

"U-Anga kwakufanele anandise la ngezithuba zabo-22:00 ebusuku ngeSonto kodwa akazange aqhamuke."

U-Anga wakhokhelwa imali engu-R20 000 ukuze anandise nemali engu-R7 500 yendawo yokuhlala nokugibela.

U-Anga wayelindelwe naseTrueGent emcimbini owawuseLa Dee Das.

Waphinde wangavela nangoMsombuluko eWolfson Stadium e-Uitenhage lapho ayelindwe yinqwaba yabalandeli.

OLUNYE UDABA: Basale ebumnyameni abalandeli 

U-Anga utshele abeDaily Sun ukuthi: "Kade ngichaza, ngichazela nabantu okungafanele engabe banenombolo yocingo lwami ngodaba lwase-PE.

NgoMsombuluko u-Anga wabhala enkundleni yakhe yezokuhxumana uTwitter wathi:

"Bekufanele engabe ngiyanandisa ePE kodwa nginenkinga yokuthola indiza."

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

   - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

   - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

   - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...