Bangilaxaze okwenyongo yenyathi - Umculi

2012-11-21 12:03

Johannesburg - Umculi we-AFro Jazz uYandisa Tiyane uthi isiteshi sikamabonakude i-e.tv simlaxaze okwenyongo yenyathi ngesikhathi sinqaba acule ohlelweni lwezindaba lwasekuseni iSunrise Breakfast Show, kubika iSowetan.

Lo mculi odabuka e-Eastern Cape, nozibiza ngo-X-Ofenda, uthi umabonakude umnqabele ukuthi acule ngemuva kokuthola ukuthi wake waboshwa.

Uthe bambuze ukuthi igama azibiza ngalo ngabe lisuselwa ekutheni wake waboshwa noma yigama nje alithanda.

"Ngibatshele ukuthi yigama engilithandayo futhi ngabatshela nokuthi ngake ngaboshwa. Ngibe sengibabuza ukuthi libaluleke ngani imuva lami," kusho uTiyane.

"Ungitshele ukuthi angeke kwaba kuhle ukuthi basebenzisane nomuntu oseke waboshwa. Ngaphuma ejele ngoJanuwari ngo-2009. Ngihlale ngikhuluma nabantu abasha ngibayala, ngiphinde ngibheke izingqinamba abantu abasemajele abahlangabezana nazo."

Imenenja yezokuxhumana kwa-e.tv uMatlapulana Ragoasha uthe uhlelo lolu luyabaseka abaculi bakuleli, uthe bazohlangana no-X-Ofenda babambe ingxoxo naye.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...