Bangamathe nolimi abeRhythm City

2012-11-08 14:01

Johannesburg - Ungena kuthule umoya kumoyizele wonke umuntu okhona kuleli hhotela elincane eliseSunninghill, enhla nedolobha iGoli.

UMthetheleli "Tazz" Nginda uzokuba nengxoxo nabeDrum, ekanye nomlingisikazi odlala indawo kankosikazi wakhe uNoxolo “Noxee” Maqashalala.

Laba babonakala njalo ngo-18:30 ku-ETV, emdlalweni iRhythm City, bayindoda nomfazi ababhekene nezinkinga.

U-Andile noZothile bayafanela kulo mdlalo futhi bafanelana noma bengasadlali, bayabonakala ukuthi bayazwana, babuye bacobane.

Ekufikeni kukaNoxee, ubukeka eqgoke ngendlela eyehlukile kunaleyo yeqhathanzipho elinguZothile, uTazz umgcona ngendawo ayidlalayo.

"Angazi ukuthi u-Andile ubonani kuZothile,” kuncokola leli bhungu elineminyaka engu-37 ubudala.

"UZothile uzama ukuhlenga umshado wakhe, uyamthanda umyeni wakhe, inkinga ukuthi yena akakuboni lokho,” kuphazamisa uNoxee.

Laba badlali noma bengaba basha kuRhythm City kodwa ababasha neze kwezikaqedisizungu, uNoxee wake wadlala indawo kaViwe ku-Tsha Tsha, ngo-2003, waphinde wabonakala naku-Intersexions ngo-2010.




  - Thola lolu daba luphelele kuDrum

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Asimdeli u'Mgqumeni'

2014-10-24 17:33
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...