Ayeye nali ithuba lokudlala kuMuvhango!

2013-01-10 11:01

Johannesburg - Umdlalo wochungechunge okhonjiswa kuSABC2, iMuvhango, uzophumela emgwaqeni ngenhloso yokuthola abantu abazovala izikhala ezizovuleka maduzane.

Abezindaba zeSowetan bathi abaqondisi bomdlalo bafuna abantu abazodlala izindawo zabantwana beNkosi u-Azwidini, okungoMulondo noMuvhango.

Lana kufuneka izingane zabafana ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa neshumi nambili ubudala, ezikwazi ukukhuluma isiNgisi nesiVenda.

Izingane zizobe zizalwa ngamakhosikazi eNkosi uSusan noPfuluwani.

Kuzofuneka nozodlala indawo kaVusi Mukwevho, oyindodana kaThandaza, etotosekile.

Kudingeka umuntu oneminyaka ephakathi kwengu-17 no-21 ubudala, okwazi ukukhuluma isiZulu, isiNgisi nesiVenda.

Indodakazi kaJames, uBusi, naye uzobuya ekuhambeni, kuzodingakala owesifazane oneminyaka ephakathi kwengu-17 no-21 ubudala, okwazi ukukhuluma isiSotho, isiZulu nesiNgisi.

Okhulumela iMuvhango uLebo Malete, uthe inhlolokhono izobanjelwa eBassline, eNewtown, eGoli, phakathi kuka-08:00 no-17:00 ngoMgqibelo.

UMalete uthi akuko sipiliyoni esifunakalayo, kufuneka ikhono kuphela.



 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...