Asikaze sihlukane - uSenzo noPearl
2013-01-07 11:01
Johannesburg - IsiZulu sithi ubucu obuhle obuhamba ngabubili, kunjalo-ke nakuzo lezi zintandokazi zemidlalo ezigcawugcawu kumabonakude iGeneration neMuvhango, uThami Mngqolo noJo-Anne Reyneke.
Laba bobabili babukeka bengeswele lutho - bahle, bakhaliphile banamakhono kanye nothando.
Empeleni uthando lwabo seluqine kakhulu kunaphambilini futhi abanamahloni ukuluqhakambisa uma kunesidingo....kusho umbiko wephephabhuku iDrum.
UThami, 30, odlala indawo yesitabane uSenzo koweGenerations, akawasusi amehlo noma izandla kuJo-Anne, 24, odlala indawo kaPearl kuMuvhango.
Laba sebethandane iminyaka emihlanu, bathi abakaze nakancane bahlukane, kodwa abezindaba ababebhala abakuthandayo ngezimpilo zabo.
UThami umatasa udlalisa amasingili esithandwa sakhe uJo-Anne, bese ephubuka ethi: “Si-right, sijabulile konke kuhamba kahle."
"UThami ulunge okwangempela, ngonyaka owedlule ungifundise ukushayela. Ubengangithethisi nakancane noma angithukuthelele," kusho uReyneke.
- Thola lolu daba luphelele kuDrum
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).