Asephinde ama amanzi kuBonang no-Euphonik
2013-02-08 10:03
Johannesburg - Ngemuva kwezinyanga bephika ukuthi sebebuyelene, uBonang Matheba noThemba Nkosi, odume ngelika-DJ Euphonik babonakele bezijabulele eSandton, eGoli, kungabuzwa ukuthi bayathandana.
IDrum iphahlaze izithombe zalezi zithandani, ebezingakufihli ukuthandana kwazo, njengoba uBonang ebebonakala ebuye enombela esokeni.
Kungekudala, lezi zithandani zike zabonakala zingcebeleka e-Table Mountain, yodumo eKapa.
Abazishwashwathayo bathi lezi zihlabani zike zahlangana eNew York, nakhona zaqhuba uthando lwazo.
Ngenyanga kaMeyi ngonyaka owedlule, kwasabalala izndaba ezithi laba behlukene, kunjalo u-Euphonik ubekwe icala lokushaya uBonang.
UBonang wagcina esolwa ngosaziwayo abanye ngemuva kokuthi ehoxise icala lakhe lokushaywa, ngasekupheleni konyaka owedlule kwavela ukuthi u-Euphonik uselobole intokazi ethile eyabe ingumngani kaBonang, besafunda esikhungweni semfundo ephakeme.
Umxhumanisi kaBonang nabezindaba uSimphiwe Majola, ubhoke ngolaka ngesikhathi ebuzwa ukuthi laba sebebuyeleni yini.
"Bhalani phansi imibuzo bese ningithumelela, ngizophendula."
- Thola lolu daba luphelele kuDrum
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Drum