Angisayena uguluva - Zola

2012-11-09 10:01

Johannesburg - Umculi weKwaito uBonginkosi Zola Dlamini, 36, uthi useshintshe kakhulu kulokhu abantu abamazi eyikho, uthi iphele nya indaba yokuba nguguluva.

Abezindaba zeDrum bahlangane noZola egalaji lezimoto ze-Aston Martin eSandton ukuba nengxoxo ngempilo yalo mculi/mlingisi.

Nokho akathandi ukukhuluma ngabantwana bakhe kanye nempilo yakhe yangasese, phambilini ubizwe ngamagama amaningi anganambithiseki waphinda wavela emaphephandabeni esolwa ngokungondli izingane zakhe futhi kuthiwa unesandla esilula kakhulu ezintombini.

Ubukeka ezimiseke ngempela ukuqala kabusha impilo yakhe, uthi usehlukane nabangani abaningi ekade ehamba nabo enza nabo izinto.

“Ngifonela bonke abantu abangaziyo, ngiyabatshela ukuthi sengishintshe impilo ebengiyiphila, ngiqala kabusha,” ezisholo ngowakhe.

UZola uthi usola abezindaba ngokucekela phansi isithunzi sakhe, eqala ukuba semehlweni abantu wabonakala edlalweni iYizo Yizo walokhu eqhubeka nokukhula, kumanje upheka i-album yakhe yesikhombisa ezobizwa  ngokuthi-Intathakusa.

Okwamanje ubonakala emdlalweni iNkaba, etholakala ku-DSTV, uthi eminyakeni emibili ezayo uzobe ehamba ngemoto eyi-Aston Martini, ebiza imali elinganiselwa ku-R2 million.



  - Thola lolu daba luphelele kuDrum

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Lihlehlile icala likaBrickz

2014-11-25 16:05
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Tstorms late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-24°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...