Anginankinga nomzimba wami - Neoleen

2012-09-10 11:00

Johannesburg - Abantu uma bebona usaziwayo baphenduka naye, lokhu kufakazeleke ngesikhathi kungena uNeoleen Maholwana-Sangqu ehhotela iMarion, eGoli, kubika iDrum.

UMaholwana-Sangqu nongumethuli wezinhlelo onohlonze uthe eqala inkulumo wathi: "Angazi ukuthi abantu bahlushwe yini ngokukhuluphala kwami ngoba mina anginankinga ngakho, futhi-ke vele angikaze ngibe nomzimba omncane. Ngikhule nginomzimba omkhulu."

Akanamahloni okusho ukuthi abantu abanake uhlelo alwethulayo bahlukane nokukhuluphala kwakhe ngoba akuhlobene nohlelo.

"Umuntu akeneli, ngisho ngingazaca abantu kukhona isici abazosibona," kusho lo mama, ophinde abe ngusomabhizinisi.

Ube eseyawaphebeza namahemuhemu okuthi yena nomyeni wakhe sebahlukanisa.

"Ungaboyikholwa yonke into oyifunda emaphepheni," kusho uNeoleen.

 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...