Ngingumqemane - Msawawa

2012-10-25 13:57

Durban- Umculi weKwaito ongaconsi phansi, uS'boniso Msawawa Dlamini uthukuthele uthelwa ngamanzi ngemuva kokuthi kusabalale amahlebezi athi ulele embhedeni kunjalo kubonwa ngokusa kuye.

"UMsawawa ugula kambi, ulele phansi futhi usehlile nasemzimbeni, nokho umndeni wakhe uyameseka," kusho umthombo owahlebela iphephabhuku iDrum.

UMsawawa amthukuthelisile lamahlebezi.

"Ngigula ngiguliswa yini, anginalo noluncane, lona othi ngiyagula uyaziphuphela nje. Kumanje ngimatasa ngihlanganisa i-album yami yesihlanu, ngisanda kubuya eBotswana," kuziphendulela lo mculi ngesikhathi ekhuluma neDrum.

"Ngingusomabhizinisi, ngiyacabanga kukhona ozama ukudicilela phansi igama lami, loyo ongikhuluma kambi, uzoyikhotha imbenge yomile," kusho uMsawawa.





 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...