Angibangisani namuntu - Boity

2014-07-16 10:06

Johannesburg - Sekuphele isikhathi eside uBonang Matheba, Minnie Dlamini, Boity Thulo, Pearl Thusi noLerato Kganyago kuthiwa bahlale bebanga izinkontileka noma imisebenzi, kodwa uThulo uthi kuyamcasula ukwaziwa njengomunye wabesifazane “abasezintweni”, kubika iTimeslive ngoLwesithathu.

Labosaziwayo abahlanu kuthiwa bahlale beqhudelana ngokuthi ubani ongcono kunomunye benjalo nalwela imisebenzi.

UBonang kuthiwa ethola inkontileka yeRevlon, wahlula uThulo naye owayeyifuna. 

Muva nje, kwamenyezelwa ukuthi uLerato noBonang bazokwethula uhlelo lwe-World Cup ku-SABC1, kodwa uBonang wakhetha ukuya kwa- Supersport.  

Enye impikiswano ekhona eyokuthi ubani kulaba onomzimba omuhle nomi kahle kunabanye.

UBoity utshele uNicky Greenwall, ohlelweni lukamabonakude izolo (ngoLwesili), ebusuku wathi: "Umkhakha esisebenza kuwona unjena kulezi zinsuku – kunabesifazane abaningi kodwa lokho akusho ukuthi sonke sifuna into eyodwa, futhi abantu nabezindaba abakwenza kubukeke sengathi siyaqhudelana.”


"Ngokwami anginandaba nokuba"sezintweni", ngizenzela engikwenzayo kusho uBoity.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...