Akukuhle phakathi kukaKim noKanye

2015-07-22 11:30

Los Angeles - Isihlabani sakumabonakude esidume ngokubhushuzela emaphephabhukwini uKim Kardashian West uphatheke kabi ngakuthole kwikhompyutha yomyeni wakhe ongumrepha uKanye West.

UKim ubone lezi zithombe ngesikhathi efica umyeni wakhe ematasa egqolozele ikhompyutha yakhe ebukana nezithombe zika-Amber Rose enkundleni yezokuxhumana u-Instagram.

Lesi sihlabani esilindele ingane yesibili uKim siyesaba njengoba sesikhuluphele nje ngenxa yokukhulelwa kanti u-Amber muhle.

OLUNYE UDABA: UKanye West wakhuthaza uKim ukuba ashuthe enqunu

Umthombo osondelene nalezi zithandani utshele abezindaba ukuthi uKim uthole uKanye ebuka izithombe zika-Amber wavele wasangana .

"Wase eyivula ikhompyutha wafica kusekhona izithombe zika-Amber namavideo kaKanye noAmber.

UKanye west wayethandana noAmber Rose ngaphambi kokuba bahlukane ngonyaka wango-2010, kubika iThe Mirror.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...