Akaze ngilale noKhune - Samkelo

2013-01-28 10:03

Johannesburg - Kuthiwa icala ngumphikwa, kanti omunye ukhomba omunye esweni omunye uvikela iso lakhe.

Isingqazu somlingisikazi uSamkelo Ndlovu, 22, odlala indawo kaLira Khumalo kuMzansi Magic ku-Inkaba ubhodla umlilo kulandela amahlebezi athi nguye ochithe umuzi kaMinenhle Minnie Dlamini, 22.

Kusabalale imibiko ethi uSamkelo, ozokhumbuleka ngesikhathi edlala indawo kaLulu kuGenerations, ube nobudlelwano bezocansi nonozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana u-Itumeleng “Itu” Khune, 25.

Iphephabhuku iDrum, lisanda kubika ngokugqashuka kwegoda phakathi kuka-Itu noMinnie, labika lathi baningi abanye osaziwayo kanjalo namantombazane asezikhungweni zemfundo ephakeme, abandakanywa noKhune.

Umthombo weDrum uthi uMinnie ubesekhathele izindlela zikaKhune zenkohlakalo.

Kuthiwa uke wamataniswa nanomngani kaMinnie uBoitumelo “Boity” Thulo, naye ongumethuli wezinhlelo kumabonakude.

USamkelo uthi kungamanga akuhlaza ukuthi wake wazitika ngocansi noKhune futhi kuyamcasula ukuthi abizwe ngedungamuzi.

"Ngaqala ukubona uKhune mhlazana ehamba nomngani wami uSiphiwe Tshabalala, saxoxa nje into engatheni. Akukho futhi okudlula lokho," kuziphendulela uSamkelo.

"OkukaMinenhle kona, cha angimazi. Ngimgcina kumabonakude, kodwa ngiyamhlonipha emsebenzini wakhe."


 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...