AbeTopTV bazama ukuzisimamisa ngocansi

2013-01-14 14:08

Cape Town - Inhlangano iFamily Policy Institute (FPI), ithembisa ukusukuma iphikisane nesiteshi sikamabonakude iTopTV, efake isicelo sokuba neziteshi ezintsha ezizosakaza udede ucansi.

Imizamo yeTopTv ingeyesibili, njengoba naphambilini yaphoxeka ngesikhathi ifake isicelo esifanayo, sakhatshwa ngabakwaSouth Africa's Broadcasting Regulator.

Kumanje lesi siteshi sibhekene nenkinga yezimali kanti ukufuna kwaso ukusakaza ucansi, kuyimizamo yokusimamisa isiteshi.

Izikhulu zeTopTV zihlela ukuthola imvume yokusakaza iziteshi iPlayboy TV, Desire TV kanjalo nePrivate Spice.

Abakwa-FPI sebecele abe-Independent Communications Authority of South Africa ukuthi bachithe lesi sicelo.

Abantu baseNingizimu Afrika banezinsuku ezingu-21 kusukela kumhlaka-19 Disemba, ukuthi bahambise izethulo zabo ngokuvulwa kwalezi ziteshi zocansi.

Umnqamulajuqu wokuhanjiswa kwezethulo umhlaka-18 Januwari.

Abafuna ukwenza izethulo bangahambisa izethulo zabo kuNdondo Dube, Broadcasting Licencing Unit, Licencing and Compliance Division, Block D, Pinmill Farm, 164 Katherine Street, Sandton Johannesburg okanye bathumele ngesikhahlamezi ku-011 566 3200 noma bathumele i-email ku-pndube@icasa.org.za.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...