AbeMetro FM bachithe ingxoxo noChris Brown

2012-12-18 12:01

Johannesburg - Kungenzeka ukuthi uneculo elishisa izikhotha umculi waseMelika uChris Brown elicela abantu ukuthi bangamehluleli, kodwa lokho akuwenzanga umehluko kubethuli bohlelo kuMetro FM ngesikhathi beshaya phansi ngonyawo bethi ngeke babe nengxoxo nalo mculi.

U-Amon Mokoena noThato ­Mataboge, nabashayela uhlelo lwasemini kulesi siteshi iThe Secret Ingredient, bathe ngeke bazimatanise nalo mculi.

"Asifuni ukuhlanganiswa noChris Brown. Simatasa sishumayela ivangeli le-16 Days Against Women and Child Abuse kodwa futhi kuthiwa asijabulele le khonsathi. Sonke siyazi ukuthi wenzani," kusho uMataboge ­echaza ku-email.

Kuma-email athunyelwa phakathi kuka-5 kuya ku-12 Disemba phakathi kwalaba bobabili nomphathi wezinhlelo uCaren Olsen, owezokumaketha uHazel Tlhabanyane nomphathi siteshi uMartin Vilakazi, bazwakalisa ukumelana kwabo nekhonsathi kaBrown, iCarpe Diem, eqhubeka kuleli.

"Akwehli kahle kithina. Njengamadoda emizi nabantu abanemindeni asikaze sishaye muntu wesifazane," kuqhuba uMataboge.

UBrown watholakala enecala lokushaya owayeyintombi yakhe uRihanna ngo-2009.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago uthe ukuziphatha kwalaba bobabili kulimaza ibhizinisi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...