Abangathintwa uTshatha noSgqemeza - OweDA

2015-08-11 07:50

Durban -  Umholi weDemocratic Alliance KwaZulu Natal uZwakele Mncwango ukhala ngokuthi uZama Ngcobo noSelby Mkhize boKhozi FM baphazamisa abasakazi uSipho Mbatha noTshatha Ngobe.

Muva nje kusanda kusabalala amahlebezi athi abasakazi, uSgqemeza oshayela uhlelo lwasekuseni noTshatha oshayela olwantambama phakathi nezinsuku, bangase bakhonjwe indlela kulo msakazo kulandela ukwehla kwezibalo zabalaleli ezinhlelweni zabo.

UZama ushayela uhlelo lwasekuseni noSgqemeza olubizwa ngeVuka Breafast Show kanti uSelby yena ungena noTshatha kolwantambama iWoza Nabangani Drive.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zigqekeze indlu kaR Mashesha

UMncwango ubhale enkundleni yakhe yokuxhumana iFacebook lapho ebhale khona ukuthi:

“Ayacikake lamahlebezi okuthi abaphathi boKhozi FM bahlongoza ukuxosha uPhumlane Sipho Mbatha noTshatha Ngobe ngenxa yokwehla kwezibalo.

Le nto ngayisho kudala ukuthi ukufakwa kukaZama noSelby kuphazamisa laba basakazi futhi kuzokwehlisa abalaleli.

Sekunjalo-ke kodwa. Abangathintwa-ke ngoba inkinga iyaziwa, akuhlonishwe nathi abalaleli boKhozi ngokuthi silalelwe.

Ayinuki ingosiwe. ?#‎HandsOffSgqemezanoTshatha,” kubhala lo mholi waleli qembu kulesi sifundazwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaba nezikhalo ngoZama ohlelwe lwasekuseni njengoba abanye babalaleli balo msakazi babelibeka ngembaba ezinkundleni zokuxhumana ukuthi “uyabhora”. 

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

             - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
7 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...