Abakuleli basifuna la isiteshi socansi

2013-01-18 10:02

Cape Town - Isiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo iTopTV, sithi abantu abaningi baseNingizmu Afrika bamagange ukuthi banikezwe isiteshi esisakaza ucansi umshawushile.

Esitatimendeni esikhishwe yisikhulu sesiteshi esibambile u-Eddie Mbalo uthe: "Sikholwa wukuthi abantu bakuleil bakhule ngokwanele ukuthi bangakwazi ukulawula ukubukwa komabonakude babo."

"Sikholwa wukuthi abantu bayakwazi ukuzikhethela ukuthi bafuna ukubukani emakhaya abo. Abantu abaningi bakhombise ukukwamukela ukufakwa kweziteshi ezizosakaza ucansi kuphela."

ITopTV ibhekene neshobolo lokushoda ngezimali, ukufakwa kwayo iziteshi zocansi kungenye yezindlela zokuzama ukungenisa imali.

Isiteshi sihlela ukusakaza iPlayboy TV, Desire TV nePrivate Spice, okuyizinhlelo ezivumeleke ukuthi zibukwe ngabantu abevile eminyakeni engu-18 ubudala.

"Zonke lezi zinhlelo zizokwazi ukukhiyeka ngokufaka ama-pin angavuleki kalula," kusho isicelo sesiteshi esihanjiswe enhlanganweni yezokusakaza.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Rain late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...