Abadlali sebejaha imali - Maponyane

2013-07-26 12:14

Johannesburg - Umdlali owazakhela udumo ngezikhathi zakhe esadlala ibhola lezinyawo, uMarks Maponyane, ukhuluma ngobudlelwano ubuhle anabo nendodana yakhe, uMasego, nodume ngelikaMaps.

UMaponyane nendodana yakhe babukeka bezwana ngendlela exakile, kubika iDrum.

UMaps ubiza ubaba wakhe ngoMnuz Maponyane, ubaba wakhe uyachaza ngalokhu: "Inhlonipho ibalulekile kimi ngakho ngafundisa izingane zami ukuthi kumele zazise wonke umuntu futhi zingakholwa lapho ziphuma khona."

UMaponyane uthi yena eqala ukudlala ibhola wayehola u-R600, kodwa uthi uthando lwento ayeyenza yilo olwamgqugquzela.

"Ngangingenandaba nemali ngoba ngangilambele amagoli kuphela ukuze ngigqamise igama lami," esho.

UMaps, 23, uthi ukuthanda imfashini kwaqala esemncane ngesikhathi ejwayele ukuyothenga izingubo nomama wakhe - nowayefuna intombazane ngesikhathi ethola ukuthi ukhulelwe.

"Lwaqala lapho uthando lwami lwemfashini. Ubaba akazange angifakele ingcindezi yokuthi ngilandele ezinyathelweni zakhe. Abazali bami bayangeseka."

Unomfowabo omdala uKatlego, 29.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...