Abaculi belule isandla kumatikuletsheni

2011-01-10 10:44
Yabelani Shicilela

Cape Town – Umdidiyeli womculo u-Arthur Mafokate kanye noChomee belulele isandla sabo kulabo bafundi bakamatikuletsheni abangaphumelelanga.

"Abafundi bakamatikuletsheni abangaphumelelanga kulokhu kumele balandele ezinyathelweni zami. Kuphele iminyaka ngenza izifunda zami ze-Marketing degree, " kusho uChomee ecashunwe kwiphephandaba iSowetan.

uChomee wathola le-degree ngonyaka odlule.

"Ngashiya phakathi ngonyaka ka-2009 ngaphinde ngabuyela ezifundweni zami ngonyaka odlule ngathola o-distinctions abathathu.

"Ngokujwayelekile le-degree ithatha iminyaka emine nje vo, kodwa mina ngayenza isikhathi esngaphezu kwaleso. Abafundi bakatikuletsheni abangaphumelelanga kumele bazi ukuthi likhona ithuba lesibili," kusho uChomee.

uMafokate naye kulindeleke ukuthi akhulume nalabafundi.

"Asikho isidingo sokuthi nizibulale uma kusekhona abantu abafana nami abazimisele ngokuneluleka. Ithuba lesibili lihleli likhona," kuqhuba uMofokate.

Bayishumi nesishiyagalombili abafundi abazibulala ngonyaka ofile emva kokuthola ukuthi abazange baphumelele umatikuletsheni wabo.




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...