Umengameli Zuma usephinde wagadla futhi kuMaimane

2016-07-30 09:10

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma usephinde wakhwela wadilika kumholi weDemocratic Alliance (DA) uMmusi Maimane, wambiza ngomuntu odidekile ongakwazi nokucabanga.

UZuma usho kanje ekhuluma nabalandeli be-African National Congress eThokoza Park, eSoweto, ngoLwesihlanu.

Ubengaqali ke ukukhuluma kanje ngoMaimane, njengoba ngoLwesine ekhulume eLetlhabile, eNorth West, wathi uMaimane uyanhlanhlatha nje akazi noma uyangena noma uyaphuma.

OLUNYE UDABA: Votelani i-ANC, nenzele uMandela - Zuma

UZuma uqhube ngokuthi isenzo se-DA sokukhetha uMaimane njengomholi wayo sekulidide kakhulu leli qembu.

“Lo mfana usedidekile manje, akazazi nezombangazwe – akazi lutho, uyanhlanhlatha nje. Ubekwe kuleya ndawo ukudida i-DA.

"Ngisho nomfana omncane oneminyaka emihlanu ubudala, angawenza umsebenzi kaMaimane," kusho uZuma sakubhuqa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...