UMalema uthi i-ANC iyakopela, iyizilima

2016-08-02 19:04

Pretoria – Umholi we-EFF uJulius Malema ngoLwesibili uhlekise ngabe-African National Congress abazongenela ukhetho ngokuvakashelwa kwabo uThabo Mbeki emzini wakhe.

“Kungani ufuna isiqinisekiso kumuntu oyilungu lakho? Kumele ngabe uyazi ukuthi nakanjani uzokuvotela. Bathi uMbeki uyilungu labo noMbeki naye ushilo ukuthi uyilungu le-ANC. Awucabange nje mina sengicela uMbuyiseni ukuba ayekubo e-Orange Farm ayobika ukuthi ngizomvakashela. Ubulima lobo,” kusho uMalema.

Funda nalolu daba: Kuxwayiswa abantu ngokushutha bevota

“Ukungacabangi nje lokho. Siyababulala. Sebephelelwe amasu. Babukela kuthina manje. Siholwa yizingcithabuchobo, hhayi abantu abasindiswe ukuthi bazabalaza kodwa uma sekumele badabange  dololo.”

NgoLwesibili ekuseni, uMbeki usingathe uParks Tau nabanye abangenele ukhetho eGauteng ngaphansi kwe-ANC.

- ANC

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...