UMalema ufuna abantu bayifundise isifundo i-ANC

2016-07-20 13:30

Mokopane – Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema uthi abantu abangagculisekile ngeqembu elibusayo kumele bangalivoteli ukuze namanye amaqembu ezofunda isifundo sokuthi azokhishwa uma engenzi kahle.

Utshele izinkulungwane zamalungu eqembu lakhe ukuthi uhulumeni we-African National Congress wehlulekile ukufezekisa isifiso sabantu baseNingizimu Afrika sokubanomhlaba nokuthola imfundo yamahhala.

Funda nalolu daba: Kuboshwe owesilisa ngokunyamalala kwengane

"Kumele nifundise namanye amaqembu isifundo nge-ANC, ngoba uma kubheda i-ANC niphinde niyivotela, izoqhubeka nokubheda ngoba iyazi aninankinga nabantu abagcwele inkohlakalo,” kusho uMalema.

UMalema ukhulume kanje ngesikhathi ekhankasela iqembu lakhe eMogalakwena ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...