Umalema akavale umlomo wakhe: Inkakha yomculo weKwaito

2016-08-01 16:00

Johannesburg - Inkakha kwezomculo u-Arthur Mafokate ivutha bhe kulandela inkulumo yomholi we-EFF uJulius Malema ebhekiswe kuye nozakwabo uKelly Khumalo.

Ngesikhathi i-EFF ikhankasa eTshwane ngesonto eledlule uMalema wagxeka u-Arthur noKelly ngokuba yingxenye yomkhankaso we-ANC njengoba kuza ukhetho.

OLUNYE UDABA: Kumangalelwe ujali ngokweba

UMalema uthe i-ANC ichitha izindodla zezimali kubaculi abangenamsebenzi futhi asebephelelwe wu"shatini" ukuba banandise kumarali awo.

Umholi we-EFF uze wathi  akazi nokwazi ukuthi uKelly udume ngani.

U-Arthur yena akazange aze athule agoqe izandla, wamuphendula lo mholi.

Lo mculi weKwaito ukhulume nephephandaba iSunday World wathi uMalema akavele avale umlomo wakhe agxile okhethweni.

"Ukubizana ngamagama okwabantu abangathathi kahle emakhanda. Wazini ngomculo namaculo asemgangathweni," kusho u-Arthur.

Inkulumo kaMalema ayizange izikhathaze izihlabani zakuleli okubalwa kuzo u-AKA, Thembi Seete, uTerry Phetho, naye u-Arthur benoKelly njengoba zivele zaphuma ngobuningi bazo zaya kwirali ye-ANC yokugcina yokhetho e-Ellis Park ngempelasonto.

TMG Entertainment

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...