UMaimane uyayiphika eyokushintshana ngamavoti ne-EFF

2016-08-03 11:01

Johannesburg - Umholi weqembu eliphikisayo uMmusi Maimane unxusa izakhamuzi zakuleli ukuba zinikeze iqembu lakhe ithuba lokuphatha ukuze lilethe ushintshe emiplweni yabo.

UMaimane ukusho lokhu ngoLwesithathu ngaphambi kokuba afake ivoti lakhe eRoodepoort.

OLUNYE UDABA:Lishokheke lashona ilungu le-DA lifaka izingqwembe zokhetho esigxobeni sikagesi

“Sinethemba lokuthi abantu bayizwile imilayezo yethu nanokuthi silapha ukuzogququla impilo yabantu ibe ngcono,”kusho yena.

Lo mholi ubuye wawaphika amahlebezi okuthi i-DA ibe nengxoxo yesivumelwano nabe-EFF ukuze bashintshane ngamavoti aseMidvaal naseGoli, kubika iTimeslive.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...