Ubizelwe emhlanganweni ne-ANC uMalema

2016-08-10 07:30

Cape Town – Umholi we-EFF uJulius Malema ubizelwe emhlanganweni nobuholi be-ANC ngoLwesibili ebusuku njengoba kulindeleke ukuba bafinyelele esivumelwaneni sokusebenzisana.

I-UDM, EFF, Cope ne-UF – yiwo amaqembu okuzomele acacise ngokuthi ngobani omakhonya emikhandlwini emithathu emikhulukazi kuleli.

La maqembu asenze uhlu lwezimfuno zawo, kanti kwezinye afuna uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni, kuphinde kupothulwe eyokushintshwa kwamagama emigwaqo ePitoli.

Kulindeleke ukuthi zingene osukwini lwesine izingxoxo phakathi kwamaqembu ezombusazwe njengoba ukhetho lushiye imikhandlu engu-27 kungekho iqembu elinqobe ngo-50% kuya phezulu.

OLUNYE UDABA: I-EFF izosebenzisana namaqembu amelene ne-ANC– Malema

Ngokusho kwemithombo emibili esondelene ne-ANC, ziyaqhubeka izingxoxo ngoMasipala baseTshwane naseGoli.

Sekuphinde kwavela namahlebezi athi uma i-EFF ivuma ukusebenzisana ne-DA, umkhulumeli we-EFF uMbuyiseni Ndlozi angase enziwe iMeya yaseThswane, kepha kuningi okushayisanayo njengoba eyiLungu lePhalamende.

Umholi we-DA uMmusi Maimane ukhulume ngoLwesibili waveza ukuthi iqembu lakhe ngeke lisebenzisane ne-ANC ngoba ayihambisani nemigomo yayo.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...