Ngizovotela izindlu zangasese nje kwaphela - Isakhamuzi

2016-08-03 08:16

Bloemfontein – Izakhamuzi zaseMangaung ziqale ukubamba ulayini wokuvota eRekgonne Primary School ngabo-02:00 ekuseni ngoLwesithathu. 

Ngabo-05:45, ulayini ubusumude kakhulu nakuba kubanda. Abanye abantu bebembethe izingubo zokulala.

"Wusuku olubalulekile lolu kuthina. Ngivuke ngijabulile futhi iningi lethu lifike lapha ngo-02:00 ekuseni. Ngikholelwa ukuthi ngemuva kokuvota sizothola umuntu ozosilethela ushintsho,” kusho uLitaba Mokhotsana.

Funda nalolu daba: Angisoze ngakuxolela - Ubaba wengane

Esinye isakhamuzi, uKarele Nto, 61, uthe kubalulekile ukuvotela ukukhipha abavilaphayo.

"Empeleni ngilapho ngizovotela izindlu zangasese. Sifuna izindlu zangasese ezisesimeni esihle. Angifuni okuningi, yizindlu zangasese nje kuphela.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...