Kuvunguza umoya woshintsho, kuzoqopheka umlando - Maimane

2016-08-03 13:30

Johannesburg – Umholi weDA uMmusi Maimane ngoLwesithathu uthe uzwa kuvunguza umoya woshintsho, wathi alikho elinye iqembu elingaba yisixazululo eNingizimu Afrika ngaphandle kwelakhe. 

"Lolu khetho lungolubalulekile kuthina. Kuzoqopheka umlando kubantu baseNingizimu Afrika,” kusho uMaimane, ngemuva kokuvota e-Allen Glen High School eRoodepoort.

Funda nalolu daba: 'Asinayo imisebenzi kodwa isimo singcono ngaphansi kwe-ANC'

UMaimane uthe luyamjabulisa lolu suku lokuvota kanti ukholelwa ukuthi iqembu lakhe selikhule kakhulu, hhayi nje eGauteng kuphela, kodwa nakwezinye izifundazwe. 

Uthe ukuvota kumkhumbuze amandla elinawo ivoti, wathi intandoyabantu ichaza ukuthi ungakhetha uhulumeni omthandayo.

"Kuyilungelo labantu ukuqasha nokuxosha uhulumeni,” usho kanje.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...