Isimo sesibuyele kwesijwayelekile ngemuva kokushiswa kwamathende e-IEC

2016-08-03 11:01

Johannesburg - Sesibuyele kwesijwayelekile isimo eFreedom Park ngemuva kwesiteleka esiqale ngoMsombuluko.

Ngokusho kukaColonel Noxolo Kweza okhulumela amaphoyisa, lesi sigameko senzeka ngoMsobuluko ebusuku.

"Kwashiswa amathende amabili kanti okwamanje akukaboshwa muntu njengoba uphenyo lusaqhubeka,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Bayanda osaziwayo abaseka umbhikisho wabafundi

Okwamanje kusathulekile kodwa amaphoyisa asasiqaphile isimo. Abe-IEC baphatheke kabi ngesenzo somphakathi.

"Sekufakwe amathende amasha ukuze kuqhutshwe umsebenzi wokuvota ngoLwesithathu."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-20°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-17°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...