Inkantolo isigodlile isinqumo kolwe-NFP

2016-07-29 16:00

Pretoria – Isinqumo sigodliwe ecaleni elibandakanya iNational Freedom Party ne-Independent Electoral Commission (IEC) eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng.

I-NFP iphikisana nesenzo se-IEC sokuyikhipha ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho ngesonto elizayo.

I-IEC itshele inkantolo ukuthi akukho okunye eyayingakwenza ngaphandle kokuthi ikhiphe i-NFP okhethweni, ngoba leli qembu lahluleka ukukhokha imali yokungenela ukhetho ngesikhathi.

OLUNYE UDABA: I-NFP iphika eyokuthi ngeke ibe yingxenye yokhetho

Abameli be-NFP bathi kunezizathu ezithile ezaholela ekutheni le mali ingakhokheki ngesikhathi, ngakho bacela iqembu livunyelwe ukuba lingenele ukhetho.

I-NFP isola uMgcinimafa wayo uXolani Ndlovu ngokuyiphambanisela izinto, ithi akazange ayikhokhe le mali ngamabomu ngoba efuna ukuthi iNkatha Freedom Party yenze kahle okhethweni.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...