I-IFP yamukele amalunga e-NFP ngezandla ezimhlophe

2016-08-01 17:30

Durban -  Akusensukuzatshwala ukhetho lomasipala luqale kanti amaqembu amakhulu asegaqele amavoti amalunga e-NFP.

Lokhu kulandela ukuphikiswa kwesicelo esifakwe ileli qembu enkantolo yomthethosisekelo ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA:Ugwazwe washona owe-NFP exhoma uqwembe lweqembu e-KZN

Yize kubonakala sengathi asisekho isikhathi sokuzama ukuthola amavoti eNFP, i-ANC ibonakale ngeSonto iveza amalunga ayo amasha abuya kuyo lenhlangano eThekwini.

Kusenjalo neqembu le-IFP eligoqe umkhankaso walo oLundu ngeSonto nabo bamukele amalunga asebuye ekhaya, kubika i-Mercury.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...