"I-IFP iyinqobile iNkandla ngokungazenzi izithembisoengeke ikwazi ukuzifeza"

2016-08-05 14:33

Johannebsurg - UMholi weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi uthe akakaze athembise abantu izinto ezinkulu ngokhetho, yingakho iqembu lakhe liphume phambili okhethweni eNkandla.

Leli qhawe laKwaZulu-Natal lepolitiki le-IFP linqobe ngamaphesenti angu-54 amavoti kamasipala kanti i-ANC yona ithole amaphesenti angu-44.2.

OLUNYE UDABA:Eyakamuva iveza ukuthi uhamba phambili ukhongolose eThekwini

UMengameli uJacob Zuma akaqagelanga kahle ngemuva kokuvota ngoLwesithathu eNkandla: "Ngizovukela kumasipala we-ANC. Yilokho ebesikusebenzela. Ngigculisekile futhi ngivote kahle, ngavotela i-ANC."

UButhelezi utshele abezindaba ze-EWN kwivideo wathi intsha yayiqonda inkulumo yakhe. "Angikaze ngizame ukuyithembisa izulu nomhlaba- ngithi konke kuzolunga, sizodala amathuba emsebenzi nokunye. Ngibe ngisibobna kahle isimo somnotho ukthi siyatenga," usho njalo.

Uphinde wathi wamtshela uZuma ngaphambilini ukuthi angazenzi izithembiso angeke akwazi ukuzifeza ngokhetho. 



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...