I-EFF izosebenzisana namaqembu amelene ne-ANC– Malema

2016-07-06 10:02

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema uthi iqembu lakhe lizimisele ukusebenzisana namaqembu aphikisayo ukwehlula i-ANC, uZuma aboshwe kuxoshwe bonke abanye ‘oZuma abancane’.

“Asinayo inkinga yokusebenzisana nanoma yibaphi abantu, uma nje kuzobanokhetho olukhululekile nolungachemile,” kusho uMalema ngesikhathi ehambele elokishini lase-Ikageng eTlokwe, eNorth West.

“Inkinga ukusebenzisana ne-ANC,” usho kanje etshela izintatheli. Waphinde wathi umasipala waseTlokwe ePotchefstroom uzobangaphansi kwe-EFF emva kokhetho.

Funda nalolu daba: Ozogwetshwa uPistorius

“Izimpawu zikhona. Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukwenza izinguquko.”

UMalema ugxeke amalungu e-EFF ashisa amaklinikhi nezakhiwo zomphakathi.

 Ubesecela ukuba umphakathi uvikele impahla ngoba ukuyishisa ngeke kubasize, kubika iThe Citizen.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...