I-ANC isahamba phambil i e-N Cape naseLimpopo

2016-08-04 17:34

Pretoria - Isayibambile i-African National Congress (ANC) eNorthern Cape kanti iCope yona iya ngokushabalala kulesi sifundazwe, lokhu kungokusho kwemiphumela yokugcina ye-IEC eqinisekisiwe yamavoti esifundazweni.

Ngemuva kwezithuba zabo-14:00 i-IEC ibale u-100% wamavoti aqinisekisiwe eNorthen Cape.

OLUNYE UDABA:Ibonga imiphumela yokhetho i-ANC

Imiphumela yokugcina yamanje esifundazweni iveza ukuthi i-ANC ihamba phambili ngamaphesenti angu-58 amavoti ilandelwa yi-DA ngamaphesenti angu-24 kanti i-EFF ilandela ngamaphesenti angu-8.6.

Ngo-2011 i-ANC yayinamavoti angamaphesenti angu-63.12 eNorthern Caope aknti iDA yona inamaphesenti angu-21.99.

Khoanamanjalo i-ANC iphinde ihambe phambili kumasipala waseMalamulele eLimpopo ngamaphesenti angu-80.

Ngokwe-IEC kubalwe amavoti angamaphesenti angu-79 endaweni ngezithuba zabio-15:00 ngoLwesine, i-ANC igijima kwangu-84.36%.

I-EFF ilandela ngemuva ngamaphesenti angu-8.94 wamavoti, i-IEC ibale amavoti angamaohesenti angu-0.78 okwamanje.

Izakhamizi eziningi zaseVuwani zikhethe ukungavoti  gnoLwesithathu zizwakalisa ukungajabuli kwazo ngohulumeni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...