'Asinayo imisebenzi kodwa impilo ingcono kakhulu ngaphansi kwe-ANC'

2016-08-03 11:02

Polokwane – Kungenzeka ukuba imisebenzi asinayo futhi nokulethwa kwengqalasizinda akukho sezingeni elifanele, kodwa isakhamuzi saseGa-Maja eLimpopo sithi impilo yaso ingcono kakhulu ngaphansi kwe-ANC.

Le ndawo enezintaba iseningizimu yePolokwane.

Imigwaqo ayinalo itiyela, azikho izikhungo zentsha kanti nakuba umklamo wokwakha indawo yezemidlalo uqhubeka, iningi liyangabaza ukuthi kuzoqedwa nini.

U-Andries Brown Selepe, 57, usehlale eGa-Maja impilo yakhe yonke. Uthe izindlu zisayinkinga enkulu. Uthi izindlu zomxhaso abazithole azikho sesimeni esifanele, ezinye ziyabhidlika.

Funda nalolu daba: 'Angikwazi ukuvota ngoba bathi sengashona'

"Nakuba sithenjiswa ngokuthi zizolungiswa, akwenzeki lutho,” usho kanje.

Kodwa uSelepe uthi namanje usathembekile kwi-ANC, kodwa badinga ikhansela elikhuthele.

"I-ANC yasikhulula. Ukuba ayikwenzanga lokho, ngabe namanje uhulumeni wobandlululo usasiphethe kanzima. Kungenzeka ukuba asinayo imisebenzi kodwa impilo ingcono kakhulu.”

Ebuzwa nge-Economic Freedom Fighters, uthe nakuba emthanda uJulius Malema futhi eziqhenya ngokuthi ungowaseLimpopo lo mholi, ngeke kodwa elilandela leli qembu ngoba lidelela abanye.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...