'Angikwazi ukuvota ngoba bathi sengashona'

2016-08-03 09:06

Durban - UFriedrich Roggenkamp, 75, ujikiswe esikhungweni sokuvota eGeorge Campbell Technical School eThekwini ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokuba imishini ye-IEC iveze ukuthi sewashona.

URoggenkamp uthi wabhalisela ukuvota ngempelasonto yokugcina yokubhalisa kusona lesi sikhungo, futhi usevote kaningi.

"Angeke ngikwazi ukuvota ngoba ngafa…bacabanga ukuthi sengafa.”

Funda nalolu daba: Kutholakale ingane ishonile embhedeni ePMB

"Ngihlale ngivota, buka zonke izitikha zami,” usho kanje, eveza umazisi wakhe.

URoggenkamp uthe ngokhetho oluzayo mancane kakhulu amathuba okuba uzovota futhi uzimisele ngokubuyela ezweni lakubo eGerman, ngemuva kokuhlala kuleli iminyaka elinganiselwa kwengu-30.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...