Angikaze ngithi ngavota ngo-94 - Maimane

2016-08-02 14:31

Port Elizabeth – Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane, obediniwe, usebize labo abe-ANC abagxeke inkulumo yakhe ayethule eDobsonville ngempelasonto ‘ngabazenzisi, abaqambi manga’.

UMaimane ubefuna ukucacisa izinto ngemuva kokuba ethole ukugxekwa kuleli sonto kulandela ukucashunwa ngabezindaba ethi yena wavotela uNelson Mandela ngo-1994.

Kunalokho uthe yena wavotela uMandela ngo-1999 ngoba uyahambisana nemibono yakhe.

Funda nalolu daba: 'Owe-IFP uthi akazange athi kuphenywe abesimame ngaphansi'

Ubekhuluma ngesikhathi iqembu lakhe libambe irali eDobsonville Stadium eSoweto, lapho ebalule khona ukuvotela i-ANC.

Ekhuluma nabezindaba eDonkin eNelson Mandela Bay, umholi weDA uthe kujwayelekile kwezepolitiki ukuba abantu bajike inkulumo yakho ukuze bafezekise izinhloso zabo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Abe-NFP bazovotela i-ANC

2016-08-02 14:30
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...