Hlukanani noZim-dollar - NFP

2014-04-16 16:24

Durban - Uphiko lwentsha i-Nfp youth Movement (NFPYM), esifundazweni saKwaZulu-Natal, selukhwele lwadilika ephephandabeni iLanga, lathi aluhlukane phansi nelungu lalo uZimiphi "Zim-dollar" Biyela.

Iqembu lithumele isitatimende kwabezindaba lithi kuyakhathaza ukuthi namanje ngemuva kweminyaka engu-20 izwe lathola inkululeko, kusakona abantu ababukela phansi uMthethosisekelo.

I-NFP igxeke iphephandaba iLanga, yathi lisetshenziswa kambi yiqembu iNkatha Freedom Party, kuze kuzocindezelwa abantu besifazane.

"Sekukaningi sibhekisisa ukusebenza kweLanga, lihlala njalo lizama ukucosha amaphuzi lisebenzisa amanye amaqembu ezombusazwe. Iphephandaba lingumlomo we-IFP, akukho okunye elikwenzayo," kusho isitatimende.

I-NFPYM ithi kumele ilungu layo uZim-dollar ayekelwe azihlanganise nanoma yiliphi iqembu athanda ukuzihlanganisa nalo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...