Ziyaqhubeka izingxoxo phakathi kukaBaxter neSAFA

2017-04-05 14:01

Johannesburg - Izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kukaStuart Baxter neSouth African Football Association mayelana nomsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana.

ISuperSport United isanda kunikeza imvume umqeqeshi wayo uBaxter ukuba axoxisane neSAFA, kulandela ukuxoshwa kukaShakes Mashaba ngoDisemba ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA: IChippa ithukuthele ngendlela eziqeqesha ngayo iBafana

Nakubakunjalo, aMatsatsantsa ukubeke kwacaca ukuthi ngeke amdedele lo mqeqeshi ingakapheli isizini, uma ethatha isinqumo sokujoyina iBafana.

Imenenja kaBaxter, uSteve Kapeluschnik, uthi: "Zonke izinhlelo zihamba kahle. Kodwa kumele ukhumbule ukuthi lolu wuhlelo, luthatha isikhathi.”

Laba ompetha beNedbank Cup badlulele kuma-quarter-finals kulo mqhudelwano izolo ebusuku kulandela ukushaya iKwaDukuza United ngo-2-0 eSugar Ray Xulu Stadium.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...