Zimkhalele unompempe osolwa ngokubulala umdlali

2018-03-10 11:21

Lilongwe – Amaphoyisa aseMalawi, esifundeni esiseningizimu iChikwawa, abophe owesilisa ogama lakhe nguMcKnight Nyekheya, 28, osebenza njengonompempe, ngezinsolo zokubulala umdlali eThyolo.

Okhulumela amaphoyisa aseChikwawa uConstable Foster Benjamin uthe uNyekheya usolwa ngokushaya abulale umdlali webhola likanobhutshuzwayo obedlalela iBilliat FC.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu enkundleni yezemidlalo eseChilengo School esigodini senduna uMphuka ngesikhathi kudlala iBilliat FC neChilengo, kubika iNyasha Times.

Kulo mdlalo, la makilabhu abebambene ngo-1-1, ngesikhathi uNyekheya enqabela iBilliat iphenathi, kwadala ukuthi le kilabhu ivuke umbhejazane.

Ngesikhathi kunalesi sidumo, unompempe ukwazile ukuphuma ngesamagundane wayocasha emzini owakhelene nalesi sikole.

Nokho abadlali beBilliat abebewotha ubomvu baphume inqina bemthungatha.

“Unompempe ube esecosha umshiza washaya umdlali oyedwa ngaphambi kokubalekela ensimini yommbila,” kusho uBenjamin.

Lo mdlali oshayiwe kubikwa ukuthi ushonele emagcekeni esibhedlela.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...