Zikhonjwa kuSwallows iziqongqwane zePirates

2016-07-21 17:30

Johannesburg – Isitobha se-Orlando Pirates uRooi Mahamutsa nomdlali wasesiswini uLehlohonolo Masalesa bazohlangana noSihlalo weqembu u-Irvin Khoza ukudingida ngekusasa labo eMayfair.

IPirates imemezele namhlanje ukuthi izodedela oSifiso Myeni, Lehlohonolo Majoro, Felipe Ovono, Yassar Mugerwa, Letsie Koapeng noRoger Majafa, kubika iKickOff.com.

Sekunesikhathi eside kuzungeza amahlebezi athi uMahamutsa noMasalesa bayahamba kumaBhakabhaka.

OLUNYE UDABA: "Uma eya kwi-Pirates akakhohlwe ukudlalela iBafana" - Umbiko

Umthombo ongashayi eceleni usuveze ukuthi iSwallows FC ibagaqele la badlali bobabili uma iphumelela imizamo yayo yokubuyela ku-PSL.

“Bobabili oMajoro noMyeni bahlangane nosihlalo ngoLwesithathu, kusasa uzobe esehlangana noMahamutsa noMasalesa. Uma ziphumelela izinhlelo zeSwallows, izobe isithatha la badlali,” kusho umthombo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...