Yonke imidlalo yePSL ngoLwesithathu

2017-05-17 10:59

Cape Town – Kuzobe kongongaphansi nongaphezulu namuhla (ngoLwesithathu) kumaqembu adlala kwiPremier Soccer League (PSL) njengoba uqhubeka umbango wesicoco seligi kanjalo nemizamo yokuvika izembe kumaqembu asemsileni.

Ingu-8 imidlalo ezobe idlalwa njengoba wonke amaqembu angu-16 ezobe egadulisana emidlalweni eyehlukene ezoqala ngesikhathi esisodwa (19:30).

IBidvest Wits iyona esemathubeni angcono okuthatha isicoco seligi uma iwina imidlalo yayo emibili esele yize noma neMamelodi Sundowns iphefumelela entanyeni yayo. IWits inamaphuzu angu-57 kanti iSundowns yona inamphuzu angu-55. Wonke amaqembu asesalelwe yimidlalo emibili njengoba ingu-28 esidlaliwe.

OLUNYE UDABA: Usebuyisiwe umqeqeshi welePSL owamiswa isigubhukane

Abalandeli bezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates sebevele sebeligwinyile itshe ngokuthatha isicoco seligi kulo nyaka. IPirates ingunombolo 10 kanti kusenzima nokungena kumaqembu angu-8 aphezulu (top 8).

Abalandeli beChiefs bona abaneme neze njengoba kuzophinde kuphele enye futhi isizini bengazange baphakamise ngisho nesisodwa isicoco.

Nokho iPirates yona isenalo ithuba lokuthoba abalandeli izinhliziyo uma ingawina iNedbank Cup.

Omunye umdlalo ozobe ubhekwe ngabomvu yilowo ozobe uphakathi kweBaroka FC kanye neHighlands Park, nokungamaqembu aphakathi kwalawo avika izembe. IChippa United kanye neFree State Stars nabo abaphephile ezembeni.

NGOLWESITHATHU, MEYI 17

Cape Town City FC v Golden Arrows - 19:30

Wits v Polokwane City - 19:30

Bloemfontein Celtic v Free State Stars - 19:30

Mamelodi Sundowns v Maritzburg United - 19:30

Chippa United v SuperSport United - 19:30

Orlando Pirates v Ajax Cape Town - 19:30

Baroka FC v Highlands Park - 19:30

Platinum Stars v Kaizer Chiefs - 19:30

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...